Intshumayelo ngesonto 7 emva komkhosi wobuThathwemunye, ka 07. 08. 2011 41/2011
Egameni likaNkulunkulu onguYise, neNdodana, noMoya oNgcwele
1. Iculo 207
2. Umkhuleko: Nkosi Nkulunkulu, singcwelise ngeqiniso lakho. Izwi lakho liyiqiniso. Amen.
3. Iphistola lohlelo lwesibili lilotshiwe ku-IzEnzo 2:41-47.
Ivangeli lohlelo lokuqala lilotshiwe kuJohane 6:1-15.
4. Isivumo senkolo: Ngiyakholwa nguNkulunkulu uYise … 5. Iculo 110
6. Umkhuleko wakhe ofundayo intshumayelo 7. Ivangeli ngohlelo lwesithathu lilotshiwe kuJohane 6, 30-35 Ngakho bathi kuye: Pho, wenza-sibonakaliso sini ukuba sibone, sikholwe nguwe, na? Usebenzani na? Okhokho bethu badla imana ehlane njengokulotshiweyo ukuthi: Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle. UJesu wayesethi kubo: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila. Khona bathi kuye: Nkosi, siphe njalonjalo lesosinkwa. UJesu wathi kubo: Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma. Amen.
8. Intshumayelo: Bandla likaJesu Kristu, thina-makholwa siphila kabili. Yilowo nalowomuntu lapha emhlabeni uphila kanye nje kuphela – siyazalwa, siyafa – umthetho wethu; kodwa thina-makholwa siphila kabili. Ngani na? Ngoba sidla kangcono! Ngokuba sidla ukudla okungcono. Nans‘ imfihlakalo yethu. Siphila kahle, ngoba sidla kahle. Siphila kakuhle, ngoba sidla okuhle. Siphila phansi komusa weNkosi yezulu nomhlaba lapha phansi nalé kwelizayo. UJesu wathi kubo: Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma. Hlalani phansi ntambama, niphenye iBhayibheli lenu, nifunde isahluko sonke: Johane 6. Isinkwa sokuphila siyini na? Lawomversi angu-71 achasisela leligama likaJesu ukuba sizwe kangcono.
Okuthathu kuyathintwa lapha: 1. Abalambileyo bayanikwa ukudla ukuba basuthe. 2. UJesu uyazikhombisa ngokuthi: Mina ngiyisinkwa sokuphila. 3. UJesu uyazinikela esakramenteni njengesinkwa sokuphila. Nang‘ umbuzo: Kumsiza ubani ukuba uphile wena na? Kumsiza ubani ukuba mina ngiphile na? Impilo yami inomvuzo yini? Impilo yakho inomvuzo na? Impilo yethu inomgomo yini, inomgomo muni na? Ngiyaphila ukuba ngidle na? Ngiyadla ukuba ngiphile na? Ngiphilelani na? We mfo, we dade uphilelani lapha emhlabeni na? Bakhona abantu abaphila njengezimpukane. Bayaphilaphila; badla; baphuza baze bafa nje. Abantu abanjalo bayaphila ngesisu sabo. Ukudla nokuphuza nokulala. Bayanaka izifiso zokomzimba njengezinyamazane ensimini. Kanti ukuphila isibili kuyadlula kulokho, kungagcini lapha. UBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila. Khona bathi kuye: Nkosi, siphe njalonjalo lesosinkwa. UJesu wathi kubo: Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.
Ukuphila okungcono kunomgomo ongcono. Ngivule amehlo ami ukuba ngibone abantu abanye, kakhulu abampofu nabadabukileyo, kakhulu labo abahlushwa yindlala. Ngivule izandla zami ukubapha engikutholile, engikuphiwe nami. Yebo, mina-kholwa ngimphilela omunye osendleleni kanye nami. Ngivule inhliziyo yami, ngiphakamise ikhanda lami ukuba ngimbone uMdali wami owangipha lempilo yami nakho konke enginakho. Ngimphilela yena. „Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu,“ (Mt4:4.) Manje uvela lombuzo omkhulu wempilo yethu. Silambile yokudlani na? Wena nami somile yokuphuzani na? Ngiphupha amaphupho anjani mina? Sekuyini okungithinta phakathi nendawo, sekuyini okungivusa mina na? Izinto ezinjani ziyavusa inhliziyo yami na? Izinto zokomzimba kuphela: ukudla nokuphuza nokulala na? Khona ngizolamba njalo. Ngizolamba imihla ngemihla. Ngizokoma njalonjalo. Ngizokoma izikhathi zonke. Cha-ke bakithi, ngiswela okunye futhi.
Ngiswela ukudla komzimba, yebo; kodwa ngiswela nokudla kwezindlebe ukuba kulondolozwe umphefumulo wami, ukuba kusindiswe nenhliziyo yami, ngisindiswe kanjalo mina uqobo, umzimba nomphefumulo. Kanti ngiswela usizo lonke engingaluthola. Ngakho-ke ngiyathokoza nokuthokoza ngalelivangeli elihle lanamuhla, ngoba ngiyafunda lapha ukuthi angingedwa nempilo yami, angingedwa nomzimba wami, angingedwa nomphefumulo wami: uMdali wami ukhona, uMsindisi wami unami, manje namuhla, lá esontweni. Ngiyabonga iziphiwo zokomusa: izwi likaNkulunkulu, amasakramente akhe angcwele: umbhapathizo, isibiko, nesidlo esingcwele seNkosi. Iziphiwo zokomusa zifuna ukungiphelekezela yokuya ezulwini. UBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila. Khona bathi kuye: Nkosi, siphe njalonjalo lesosinkwa. UJesu wathi kubo: Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.
Siyaswela usizo, isibonakaliso sokukholwa endleleni, ngoba uSathane akalali ubuthongo. Naye uyasiphelekezela. Usikhombisa okunye imihla ngemihla ukusuthisa izifiso zethu. Uyasikhombisa okusha imihla ngemihla ukusuthisa izinzwa zethu nomqondo wethu ngezindaba ezithusayo namabongo athize lapha nalapho, emgwagqweni lé ngaphandle noma ekhaya phambi kweTV. Ningamniki indawo! Uyakhohlisa! Uyalimaza! Uyabulala umzimba nomphefumulo. Cha-ke bakithi, ngithanda ukunikhombisa indawo engcono, lapho sisutha ngokuphelele khona. Woza uguqe phansi nami ukuba sidle, siphuze impilo engcono, impilo eyiyo, impilo yokuphila, impilo ngaphandle kokulamba, ngaphandle kokoma, impilo yaphakade. UBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila. Khona bathi kuye: Nkosi, siphe njalonjalo lesosinkwa. UJesu wathi kubo: Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.
UJesu Kristu wazinikela esiphambanweni ukuba abe-ngukudla kwethu okuvela ezulwini. Kanjalo uyathulisa inkwankwa yethu, uyathulisa ukuqabatheka nokulangazela kwethu konke. Uyanqoba sonke isizungu sethu. Ngakho sisondela ngentokozo esithebeni sakhe esingcwele, ukuhlangana naye uJesu, iNkosi yokuphila. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila. Sihawukelwa, siyathandwa kanje ukuba singafi indlala endleleni; sisizwa kanje ukuba singabhubhi endleleni phansi kwezinkathazo nezono zethu; siphakanyiswa, siqhubekiswe kanje isonto ngesonto ukuba singalahlekelwa ithemba, kodwa sinqobe ukudabuka, nokungabaza nokudangala, silwe noSathane nezwe nenyama yethu, silwe ukulwa okuhle kokukholwa, sinqobe ngoJesu osithembisa, uthi: Odla inyama yami aphuze igazi lami unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. Siyakubonga, Nkosi, sihawukele, Nkosi Kristu. Amen.
9. Umkhuleko: Nkosi Jesu Kristu, sibonga isidlo sakho esingcwele, induduzo engakhulumekiyo. Sivikele ukuba uSathane angasamuki isibusiso, esiphiwe sona ngomusa wakho. Siphe amandla kaMoya oNgcwele, sikhule ekukwesabeni wena, size sivuswe ngomuhla wokuphela. Amen.
Umkhuleko weNkosi: Baba wethu osezulwini …
10. Iculo 191
Ukuthula kukaNkulunkulu odlula ukuqonda konke makulondoloza izinhlizo zethu nemicabango yethu kuKristu Jesu iNKosi noMsindisi wethu, Amen
Lentshumayelo ilotshiwe ngomnyaka ka-1977 ngu-K. G. Tiedemann
Ukucindezelwa nokuthunywa kwalezintshumayelo kuyasekelwa yinhlangno ethiwa: Lutheran Heritage Foundation
