UKUKHOLWA KAMAKRISTU: NGOKUSINDISWA

Jesus iconUKUKHOLWA KAMAKRISTU: NGOKUSINDISWA
Ngiyakholwa nguJesu Kristu iNdodana yakhe ezelwe iyodwa, iNkosi yethu, owathatshathwa ngoMoya oNgcwele, wazalwa nguMariya intombi, wahlushwa phansi kukaPontiyu Pilatu, wabethelwa esiphambanweni, wafa, wembelwa, wehlela endaweni yabafileyo, ngosuku lwesithathu wavuka kwabafileyo, wenyukela ezulwini, uhlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu, uYise uMninimandla-onke, lapho eyakubuya khona, ezokwahlulela abasahambayo nabafileyo.
Lokhu kusho ukuthini na? Kuthi: Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu, uNkulunkulu uqobo, ezelwe nguYise phambi kwezikhathi zonke, nomuntu futhi uqobo, ezelwe nguMariya intombi, uyiNkosi yami, ongisindisile mina engingumuntu olahlekileyo nolahliweyo, wangihlenga, wangizuza kuzo izono zonke, nakukho ukufa, nakuwo amandla kaSathane, kunge ngegolide nangesiliva, kodwa ngegazi lakhe elingcwele, elinenana elikhulu, nangokuhlushwa nokufa kwakhe, engenacala: ukuba ngibe-ngowakhe impela, ngihlale phansi kwakhe embusweni wakhe, ngimkhonze ngokulunga nangobumhlophe, nangokuthokoza okuphelele okungapheliyo, njengalokhu yena
evukile, ephila, ebusa kuze kube-phakade. Lokhu kuqinisile impela.

Unknown's avatar

About Wilhelm Weber

Pastor at the Old Latin School in the Lutherstadt Wittenberg
This entry was posted in Book of Concord: Confessions of the Evangelical Lutheran Church, Lutheran Confessions and tagged , , , , , , . Bookmark the permalink.

Leave a comment

This site uses Akismet to reduce spam. Learn how your comment data is processed.