Izintshumayelo zokuSebenzelana ekuZwaneni

Intshumayelo ngesonto 10 emva komkhosi wobuThathwemunye, ka 28. 08. 2011                                              44/2011

Egameni likaNkulunkulu onguYise, neNdodana, noMoya oNgcwele

1.            Iculo 139/122

2.            Umkhuleko:  Nkosi, Nkulunkulu Baba, nanamuhla siyasondela kuwe sifuna ukukhonjiswa nguwe indlela ngezwi lakho eliyinkemba esika nhlangothi zombili. Sisize, Nkosi, ukuba silangazelele njalo ukusuthiswa ngezwi lakho, futhi senze lokho elikushoyo ezimpilweni zethu, ukuze kuthi noma sekufika isikhathi sokumuka kwethu kulomhlaba, simuke singenaluvalo nakwesaba, konke lokhu sikucela ngaye uJesu Kristu iNkosi yethu. Amen.

3.            Iphistola ngohlelo lwesibili lilotshiwe kuRom. 11:25-32;

Ivangeli ngohlelo lokuqala lilotshiwe kuLuka 19:41-48.

4. Isivumo senkolo: Ngiyakholwa nguNkulunkulu uYise …                                                                                                                                                                   5.Iculo 140/123

6.                                                                                                                    Umkhuleko wakhe ofundayo intshumayelo                                                                                                                        7. Ivangeli ngohlelo lwesithathu lilotshiwe

kuJoh. 2:13-22, lithi: “Lalisondela iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali. Wayesenza ikalivasi ngezintambo, waxosha bonke ethempelini, nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula, wathi kwabathengisa ngamajuba: Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana. Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwé ukuthi: Ukushisekela indlu yakho kuyangidla. Ngakho-ke abaJuda baphendula, bathi kuye: Usitshengisa isibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na? UJesu waphendula, wathi kubo: Bhidlizani lelithempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu. Ngakho bathi abaJuda: Lelithempeli kwaba-yiminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na? Kepha wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe. Kuthé esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.” Amen.

 

8. Intshumayelo: Bangane abathandekayo beNkosi yethu uJesu Kristu, iNkosi yethu uJesu Kristu uyahlanza, uyahlangula, uyahlambulula ekuqaleni kwehlobo endlini kaYise engcwele. UNkulunkulu akabusi phezu kwealtare kuphela, kodwa uyiNkosi yakho konke nasezindaweni zonke. Akabusanga kuphela esikhathini esidlulileyo, noma phakathi kwekerike lakhe, kodwa uyabusa nangaphandle, nasezindaweni nasemazweni akude, nasekuhambeni kwethu uqobo esikhathini sanamuhla nasesikhathini esizayo kuze kube sekugcineni kwezwe. UJesu uyagcwalisa ngamandla okuthenjiswa ngomprofethi uIsaya, nakho umprofethi wokugcina wesivumelwano esidala uJohane uMbhapathizi akumemezile ngesineke esikhulu, aze aboshwe, nokubulawa, ngisho okwamenyezelwa yibo ngokuthi: Lungisani indlela yeNkosi, Joh. 1:23. UJesu uyahamba ngendlela yakhe, ngisho indlela kaNkulunkulu, ehla ezulwini, ehlela emhlabeni, elungisela abakwaIsrayeli indlela, nabantu bonke ukubuyela ekhaya kuNkulunkulu ezulwini. UJesu wenza lokhu ezindaweni ezaziweyo, njengaseJerusalema, phakathi kwekerike, ethempelini likaNkulunkulu, futhi ezindaweni ezingaphandle, njengasethonjeni likaJakobe endleleni yokuya eSamaria, nasekuphileni kwabo abahlukene noNkulunkulu njengasekuphileni kabathelesi, oZakewu noMathewu, nokwesifebe uMagdalena. Ezindaweni zonke uJesu uphumelela ukususa izinqwaba zakho okuningi okuvimbayo nokumelana nezindleleni zikaNkulunkulu ezinhle ezweni nesezinhliziyweni nasekuphileni kwabantu. Njalo iNkosi yethu enhle iyamema abantu ukuzwa, nokubona, nokunambitha, nokuzwela ukuthi iyaletha umbuso kaNkulunkulu omuhle kulomhlaba onakele, omubi, ozithandayo kuphela. Iyahlanza, iyaphulukisa, iyasiza, iyathethelela, iyahlenga, iyakhulula abantu ezindleleni zabo ezimbi, ukuba ibabuyisele emkhondweni wokuphila nokuvumelana noNkulunkulu lapho uJesu ekhona, abaphatha kahle, nokubabusisa, kakhulu lapho ebaphatha ngomusa nangentethelelo. UJesu uqobo uyathembisa labo abamlandelayo uthi: “Ngiqinisile, ngiwqinisile ngithi kini: Nizakubona izulu livuliwe, nezingelosi zikaNklunkulu yenyuka, zehla phezu kweNdodana yomuntu,” Joh. 1:51. Umvangeli uJohane uboshilwe ukuvuma efunzelwe nguMoya oNgcwele ukusho ukuthi: “Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. … Akakho oké wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise, yiyona embonakalisile, ” Joh. 1:16.18.

 

Ekuthunyweni kwakhe okusindisayo uJesu Kristu uqonde ethempelini. Bonke babekwazi ukuthi ithempeli laliyindawo kaNkulunkulu emhlabeni – khona phakathi kweJerusalema, iphakathi impela lesizwe sakwaIsrayeli. Khona lapho konke kwakuphansi komthetho kaNkulunkulu. Kwakungekho owangabaza ngalendaba kubo. Kodwa abantu babecabanga ukuthi unamandla kulendawo kuphela. Babemvalela uNkulunkulu kulendawo yobungcwele ngcwele, ngaphakathi kuphela, kodwa ngaphandlea babeziphatha njengamakhosi akho konke, nasendawo yegceke yethempeli. Khona babeqhubeka ngakho okwabo, babethenga, nokuthengisa, benana nokuhweba, bashintsha imali nokulawuza, baqhuba okwabo impela, bakhohlwa ukuthi babesendaweni nasegcekeni yethempeli, lapho uNkulunkulu ekhona, lapho ezobophile khona ukukhuluma nabantu. Kuqinisile uNkulunkulu wabiza kubo ukuba abuse ekuhambeni kwabo kwezinsuku zonke. Kodwa abaseJerusalema bathi: Bayazibusa khona egcekeni yethempeli, babefundisa khona ngokwezimali, ngokwandisa okwabo njengokusho kwesisho esithi: Imali iyabusa emhlabeni. Kodwa bazunywa, ngokumangalisayo uNkulunkulu wayengavumelani nabo. Yena uyazifunela udumo lendumiso. Nguye owenza ukuba umhlaba uqhubeke, akwenziwa yimali, akwenziwa ngakho esikhwenzayo thina ekerikeni. Umyalelo wokuqala uqinisile ezindaweni zonke.  Akukho okungaphandle kwalokhu. Yikho okuqiniswa nguJesu, uthi: Indlu kaBaba iyindlu yokukhuleka, kodwa nina niyenzile ibe yindlu yabaphangi. Niyakhonza ematafuleni, nandisa imali yethu, nikhuluma ngemali, nizifunela okwenu, niyethemba ukuthi ngalendlela nizophumelela ukuzilondolozela impilo yenu Ngalendlela nishiyile umkhuleko nokuzithoba phansi kukaNkulunkulu,  ningasahlabeleli amaHubo amadala, nishiya indlela yenkonzo emisiwe mandulo, nibanga umsindo kuphela, anisaqapheli okushiwo yizwi likaNkulunkulu. UJesu uthatha  lendaba njengendaba enzima impela. Uyathukuthela, uyanakekela, unomhawu nendlu kaYise, nomsebenzi nentando yakhe. Ngakho lokhu wayesenza inkalivasi ngezintambo, waxosha bonke ethempelini, ngisho abathengisi, nabahwebi, nabenani. Uyabakhombisa ukuthi abanemvumo ukwenza abakwenzile ethempelini, noma becabangile ukuthi bayasekela nokuqhuba imisebenzi eyenziwa ethempelini, becabanga ukuthi bayaqhuba umsebenzi kaNkulunkulu. UJesu uhlukene nabo, uyabalahla, uyabaxosha ethempelini. Akafuni ukuba abantu bacabange ukuthi insindiso iyathengwa, noma bangathengisa ngayo. Ikerike alisilo imakethe, noma indayiso, noma indali, alisilo indawo yokwamukela okuthile esiyakukhokhela emuva, alisilo indlu yokugembula, noma yokudlala ngemali, noma  ibhange lokuzilondolozela okuthile ngenxa yokukhipha iminikelo. Kuyisilingo esibi ukuba abampofu bacabange ukuthi abakwazi ukuzithengela indawo ekerikeni, sonke simelwe ukwazi ukuthi ekerikeni izicebi nabampofu bamukelwa ngomusa kaNkulunkulu kuphela ngenxa kaKristu. UNkulunkulu uyathanda ukuba ekerikeni kushunyayelwe ivangeli, kumenywe bonke ukwamukelwa ngaphandle kokuthenga indawo, bamukelwe ngokubhapathizwa egameni likaNkulunkulu uMthathwemunye, ngokudla umzimba kaKristu, nangokuphuza igazi lakhe, ngokuthethelelwa egameni likaKristu ngokukholwa nguye. Kuyinto embi okubonakala phakathi kwabantu ukuba abampofu bandlululwe, babhekwe phansi, kodwa makwaziwe ukuthi uNkulunkulu uyathanda  ukuba bezwe bonke ukuthi umubuso kaNkulunkulu uvulelwe bonke, kakhulu abampofu, nezoni ezikhalela izono zazo, uNkulunkulu uyathanda ukuba sindisa bonke ngokubathethelela izono zabo. Nokho kuvamile ukuba abanothileyo nabanamandla bacabange ukuthi banamandla ukuzithengela indawo nasebandleni, nokuzithengela umusa kaNkulunkulu. Futhi bayalingwa ukucabanga ukuthi banamandla ukumisela ibandla imitheshwana yabo. Kanjalo kukhona nesilingo sokuba abantu bazama ukuzilondolozela imali yabo, uma kucelwa iminikelo yokusekela umsebenzi wobuthunywa ukuba lomsebenzi uqhutshwe, wenzelwe abanye abangesibo abakubo. Bayancitsha nomsebenzi wekholishi, bathi: Kuyafundiswa khona abantwana babanye, khona kuyalungiselwa izisebenzi eziyakusebenza phakathi kwabanye, mhlawumbe nasemazweni amanye. Noma uma abebandla bancitsha izisebenzi emabandleni lakubo, bathi: Bayadla imali yabo kuphela, kodwa uNkulunkulu uyathanda ukuba bathole okwabo ukuba benze umsebenzi wabo wokuphatha izinkonzo nokufundisa emakilasini ombhapathizo nomqiniso ngentokozo enkulu. Khona kuyadingeka ukuba simelwe ukudabuka, nokucela uNkulunkulu ukuba ahlanze izinhliziyo zethu, njengalokhu uJesu ehlanzile ithempeli eJerusalema. Futhi sicele ukuba uNkulunkulu udale imicabango emihle kithi ukuba siqhube umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela yokumesaba ukuba konke kuqhutshwe emabandleni akithi ngendlela yokufuna ukulunga kokaNkulunkulu nombuso wakhe phambi kwakho konke okunye ukuba kungenzeki emabandleni akithi ukuthi abebandla abaholwa ngunkulunkulu umbumbulo oyimali, kodwa bonke bayaholwa luthando lokuthanda uNkulunkulu nawomakhelwane bethu. Kanti kwaziwe ukuthi kunguNkulunkulu oyiNkosi phezu kwempilo yethu ebandleni nasemakhaya. UJesu Kristu uyiNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi, uthi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi ngokubabhapathiza egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nangokubafundisa ukugcina konke enginiyalé ngakho.” Kanjalo siyakhuleka, sithi: Mawufike umbuso wakho, makwenzeke intando yakho!

 

Bangane beNkosi yethu uJesu Kristu, lokhu okwenzekile eJerusalema akusikho umsebenzi kaKristu owenziwe kanye kuphela nalesosikhathi eJerusalema. Qha, wadliwa enhliziweni yisishisekelo sokushisekela indlu nebandla likaNkulunkulu. Ngakho usazama namuhla ukuvuselela amakholwa akhe ukuba nawo ashisekele okombuso kaNkulunkulu. Ngesishisekelo sakhe, ngothando lwakhe olukhulu empeleni wazinikela ekufeni ukuba thina singabhubhi, kodwa sibe nenhlanganyelo ekuphileni kukaNkulunkulu kuze kube phakade. Kwakuyinhloso yokuphila kwakhe konke, wathunyelwa khona lokhu. Wathunywa ukuletha umbuso kaNkulunkulu ezweni ukuba abantu bezizwe zonke baphumelele ukuhlangabezana noNkulunkulu, baphile kuye, bamphilele, baphile babe phansi kokuphathwa, nokuholwa, nokunakekelwa nguNkulunkulu ngezwi lakhe. Ngakho lokhu basusa ithempeli laseJerusalema ukuba akhe ithempeli lomzimba wakhe, akhe ikerike lakhe emhlabeni. Wayengasafuni ukuba abantu bamkhonze eJerusalema kuphela, kodwa wamisa umbuso wevangeli lakhe ukuba abantu bamkhonze ezindaweni zonke, nangezikhathi zonke, bakhuleke kuye ngomoya nangeqiniso baholwe nguMoya oNgcwele, balalele ivangeli lakhe elingcwele. Mhla uJesu Kristu ebhethelwe esiphambanweni eGolegotha, isihenqo sethempeli sadabuka kabili. Indawo kaNkulunkulu engcwele ngcwele yayingasahlukaniswa nabantu. Qha, uJesu wabalumulela noYise, uyindlela yabantu ukuba baphumelele ukusondela kuYise. Oyibonayo iNdodana uyabona uYise, ngoba iNdodana noYise banguNkulunkulu munye. Kanjalo siyalalela namuhla ivangeli leNdodana elisabela ifa lasezulwini. Siyayethemba kanye nezithembiso zayo ezinhle, siyalandela izeluleko zayo ezinhle, ezithanda ukusikhombisa indlela enhle lapha emhlabeni. Asisakhuphukeli  eJerusalema ukuhlangana noNkulunkulu, kodwa sinoNkulunkulu lapha kithi ngezwi lakhe elinenana elikhulu, nangesakramente lakhe lomzimba negazi likaKristu elithululelwe sonke kube ngokuthethelelwa kwezono. Yikho okuyithempeli lethu namuhla nendawo engcwele, nekhaya lethu kwamanje nakuze kube phakade, njengokusho kweHubo 23:5-6 elithi: “Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yam iyachichima. Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endleini kaJehova kuze kube phakade.”

INkosi mayisisize sonke kuze kube phakade ukuba sibonge umusa nobuhle bayo, nesishisekelo sendlu kaNkulunkulu, nesombuso wakhe masisiphe amandla, nesineke ukuba sisekele umsebenzi wendlu kaNkulunkulu ezweni lakithi, ikerike nebandla lakhe nomsebenzi wobuthunywa, nabafundisi, nabavangeli nezisebenzi ezinye emabandleni ziqhube umsebenzi wekerike ngentokozo enkulu. Isishisekelo leso masiqede izishisekelo, nezifiso, nesinhlozo ezinye, ngokuba umusa weNkosi yethu ingcono nokuphila! Haleluya! Amen.

 

9.            Umkhuleko: Nkosi, Nkulunkulu Baba, siyabonga ukuba ukhulume nathi ngalendlela, sisize ukuba uJesu angene ngaphakathi kwethu, akhiphe zonke izinto ezenza ukuba wena udede kithi, senze, Nkosi, ukuba sivume ukwahlukana nazo, singafani nalabo abangazange bavume ukukwamukela ukuhlanzwa kwethempeli nguJesu. Siyazi, Baba, ukuthi awuhlali lapho kungcole khona, yingakho sikubonga namhlanje ngezwi lakho, elihlanza izinhliziyo zethu ukuba wena uhlale kithi. Masilibambisise singaliyeki, ukuze sihlale njalo emuseni wakho. Konke lokhu siyakucela ngayo  iNkosi yethu eyasifela esiphambanweni, eyavuka ngenxa yokusabela ukulunga kwakho ngentethelelo yezono zethu egameni lakhe uJesu Kristu uMsindisi wethu. Amen.

Umkhuleko weNkosi: Baba wethu osezulwini …

10.          Iculo 25/179

Ukuthula kukaNkulunkulu odlula ukuqonda konke makulondoloza izinhlizo zethu nemicabango yethu kuKristu Jesu iNKosi noMsindisi wethu, Amen

Lentshumayelo ilotshiwe ngomnyaka ka-2011 ngu-K. P. P. W. Weber

Ukucindezelwa nokuthunywa kwalezintshumayelo kuyasekelwa yinhlangno ethiwa: Lutheran Heritage Foundation

Unknown's avatar

About Wilhelm Weber

Pastor at the Old Latin School in the Lutherstadt Wittenberg
This entry was posted in Uncategorized. Bookmark the permalink.

Leave a comment

This site uses Akismet to reduce spam. Learn how your comment data is processed.