
But Joseph said to them, "Do not fear, for am I in the place of God? As for you, you meant evil against me, but God meant it for good, to bring it about that many people should be kept alive, as they are today. So do not fear; I will provide for you and your little ones." (Gen 50:19-21 ESV)
Izintshumayelo zokuSebenzelana ekuZwaneni
Intshumayelo ngesonto 4 emva komkhosi wobuThathwemunye, ka 17. 07. 2011 38/2011
Egameni likaNkulunkulu onguYise, neNdodana, noMoya oNgcwele
1. Iculo 229/331
2. Umkhuleko: Nkosi, Nkulunkulu, Baba womusa, wena ophumisa ilanga phezu kwababi nabahle, owasiza nabo abangabongi, nezihlubuki, onokubekezela nakithi ngokwengcebo yakho yomusa omkhulu, owawukhona kusukela phakade, siza ukuba silandele isibonelo sakho, neseNdodana yakho ethandekayo ngokufunda ukuphatha abangane nezitha ngesihe ukuba sisibekele ubuthakathaka bawomakhalwane bethu, sibathethelele ngenhliziyo yonke engenakuzenzisa, sikhonze bonke, sithele izithelo zokukholwa ezinhlangothini zonke ngaye uJesu Kristu, iNkosi yethu, ophila, obusa kanye nawe noMoya oNgcwele, manje, kuze kube phakade. Amen.
3. Iphistola ngohlelo lwesibili lilotshiwe kuRom. 14:10-13;
Ivangeli ngohlelo lokuqala lilotshiwe kuLuka 6:36-42.
4. Isivumo senkolo: Ngiyakholwa nguNkulunkulu uYise … 5.Iculo 230/335
6. Umkhuleko wakhe ofundayo intshumayelo 7. Izwi lentshumayelo ngohlelo lwesithathu lilotshiwe
kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile, bathi: Mhlawumbe uJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena. Base bethumela kuJosefa, bethi: Uyihlo wayala engakafi, wathi: Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba bakwenzela okubi; manje siyakucela ukuthi: Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo. UJosefa wakhala, besakhuluma kuye. Base befika nabafowabo, bawa phansi ebusweni bakhe, bathi: Bheka, siyizinceku zakho. UJosefa wayesethi kubo: Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na? Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba-kuhle ukuba akwenze kube-njenganamuhla, asindise abantu abaningi. Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu. Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.” Amen.
8. Intshumayelo: Bathandekayo eNkosini uJesu Kristu, ake siqaphele ukuba singaniki noyedwa ithuba ngalomlando, ngisho ngithi singaniki labo ithuba lokufihla izono zabo abathi: Noma beqa umthetho wakhe, uNkulunkulu unamandla okwenza okuhle ngezeqo zabo. Mabangazilanduleli ngokusho ukuthi okubi kwabo akulutho, abanacala. Masingakhohlwa okushiwo ngumphostoli uPawulu kulo iphistola lanamuhla ukuthi: “Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu,” Rom. 14:12. Phambi kukaNkulunkulu icala lezeqo nelokubi okunjalo kumi, noma uNkulunkulu uphendulile okubi okwenziwe ukuba kuzale okuhle. Akushiwo lapha ukuthi abafowabo kaJosefa babengenacala ngokuhlupha nangokumthengisa njengesigqila. Icala lalikhona phambi kukaNkulunkulu. Kuphela uJosefa wayekwazi ngokwakhe ukuthi yena wayengenamandla okwahlulela, ngokuba ukwahlulela kusemandleni kaNkulunkulu.
Esikutholayo kulelizwi lanamuhla yilokhu: UNkulunkulu unamandla ukusebenzisa amaphutha nesono sethu, nokuguqula okubi kwethu kuvele okuhle. UNkulunkulu uyathanda ukufeza izinhloso zakhe. Nguye obusa umhlaba, unamandla okusebenzisa amakhosi, nezikhulu zomhlaba njengoFaro, uDariyu, noAwugustu ukufeza izinhloso zakhe. Lomusa wakhe awukusho ukuthi isono senziwe nje. Masingakholwa ukuthi uNkulunkulu uyadinga izono zethu ukuba enze okuhle. Uma uNkulunkulu eguqula okubi kuvele okuhle ngakho, singazikhohlisi ngokucabanga ukuthi uNkulunkulu akakwazi ukufeza izinhloso zakhe ngenye indlela. Ngokuphinda nokuphinda siyezwa eBhayibhelini ukuthi abantu babezama ukuzenzela okuthile, bengalindeli usizo lukaNkulunkulu. UJakobe wakhohlisa uyise nomnewakhe, wazithathela ifa lakhe. UMose wabulala umGibithe; uPetru wagenca uMalkuse, wamnquma indlebe eGetsemane. Konke lokhu uNkulunkulu wayengakudingi ukufeza umsebenzi wakhe. “Intando kaNkulunkulu elungileyo, enomusa iyenziwa kambe nangaphandle komkhuleko wethu; kodwa kulomkhuleko siyanxusa ukuba yenziwe, yenzeke nakithi futhi.”
Izwi lentshumayelo ya namuhla alinciphisi icala labafowabo bakaJosefa, kodwa liyasikhombisa ukuthanda kukaNkulunkulu, ukuba singahluleli muntu, sithethelelane. UJosefa wabusiswa nguNkulunkulu ngengqondo enhle. Kwasekuqaleni konke okwenziwe nguye kwakukuhle ngosizo lukaNkulunkulu. Kwenzeka ukuba siqonde ukuthi umona wabafowabo wangena kanjani, ngokuba uJosefa wabadlula ngakho konke. Kodwa uJosefa wafundiswa nguNkulunkulu ukuba azithobe. Izipho zakhe zavela kuNkulunkulu. Ngobuhle bukaJosefa kwadunyiswa uNkulunkulu kuphela. Ungathi uJosefa wafunda kahle izwi elalotshwa nguPawulu emuva elithi: “Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube-ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa,” Rom. 12:3.
UJosefa uyisibonelo esihle kithi ukuba sikholwe izwi leHubo 1:1.6, elithi: “Kubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo, … Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.” Umkhombindlela ekuhambeni kukaJosefa wayengukuthanda kukaNkulunkulu. Siyazi ukuthi umkamnini wakhe wazama ukumlinga uJosefa, kepha yena waphendula wathi: “Pho, ngingenza kanjani lobobubi obungaka, ngone kuNkulunkulu, na?” Gen. 39:9. UJosefa waqonda isibusiso esikhulu sokuthi uNkulunkulu wayenaye, wayegafuni ukulahlekelwa lesabelo esikhulu. Isono siyahlukanisa abantu noNkulunkulu, singafanekiswa nembazo ecanda izinkuni. Isitha esibi sahlukanisa abantu noNkulunkulu ngesono, satshala izimbewu zenzondo, nokungabaza ezinhliziyweni zabantu. Izimbewu zesono zithela izithelo ezibuhlungu, ukubaleka kuNkulunkulu, nokuba necala phambi kwakhe. Noma uSathane ezama ukuhlobisa ububi ngamanga ngokwethembisa abantu ubumnandi ngokubadonzela esonweni, isono sehlelisela unembeza emuntwini, siyamlimaza kabi.
Nokho masingamesabi uSathane kunoNkulunkulu. Simuzwe uJosefa owathi: “Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba-kuhle ukuba akwenze kube-njenganamuhla, asindise abantu abaningi.” UNkulunkulu wayengakwenzi njalo esikhathini sikaJosefa kuphela, wakwenza njalo kakhulu ngokuthuma iNdodana yakhe. Ngakho akwehlelwe khona uJesu wanqoba imisebenzi kaSathane, ngobubi abenzelwe bona uJesu wasihlenga, wasilungisela konke okuhle kukaNkulunkulu ngomusa ophakade, esiwambulelwe eBhayibhelini lonke. Kanjalo amakholwa bavuma ngenkululeko nesibindi esikhulu athi: Ngiqiniselwe ekukholweni “ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu,” Rom. 8:38-39.
UJosefa wayekwazi ukuthi akadingi isono ukuba aqhube impilo yakhe ngaso. Wakwazi ukuthi akadingi ukuhlupha abanye. Wazi ukuthi ukona, nokweqa umthetho kaNkulunkulu akusizi. Masingazikhohlisi ngobuqili bukaSathane ohlobisayo ububi ngamanga akhe. Siyazi ukuthi noma sizama ngamandla amakhulu, sisengozini njalo sokuba siwele esonweni, kungabi ngemicabango, ngamazwi nangezenzo zethu kuphela, kodwa sesiphakathi kokubi kwemvelo yethu eyonakele, sathatshatwa, sazalwa siyizoni. Konke ukuma kwethu phambi kukaNkulunkulu konakele ngokwemvelo yethu. Kuyiqiniso elisilimazayo impela, liveza usizi olubi nokudabuka okukhulu kithi. Kulendawo kuyangena izwi elilotshiwe ku 2 kwabaseKorinte 7:10 elithi: “Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube-ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.” Umphostoli uPawulu uyasifundisa kulendawo ukwethemba umusa kaNkulunkulu osithethelela icala lethu ngenxa yokuhlushwa nokufa kukaJesu Kristu. Masingazami ukuzilungisela ukulunga ngendlela enye, singazami ukufihla isono necala lethu, kodwa sibalekele kuJesu Kristu, sithole intethelelo kuye, njengokusho kwezwi kumaHeberu 12:2, elithi: “Sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” Ngokuthethelelwa ngokwethu siyaqhutshwa yiNkosi ukuthethelela nabo abasonele.
Ngokwazi ukuthi siyakuma phambi kwesihlalo soMahluleli, silande phambi kwakhe ngayo yonke imicabango yethu, namazwi ethu, nangezenzo zethu, siyagqugquzelwa ukuba singahluleli abanye, singaphawuli icala labanye, uma singavumi icala lethu, singaziphindizeli, mhla silinyaziwe ngabanye, kodwa sidedele ulaka, “ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi,” Rom. 12:19. Kulotshiwe ukuthi: “Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe,” Dut. 32:36; nokuthi: “Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo,” Heb. 10:31; nokuthi: “Wo mina-muntu wosizi, ngubani oyakungikhulula kulomzimba wokufa na? Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu, “ Rom. 7:24-25. Amen.
9. Umkhuleko: Nkosi Nkulunkulu, uyasithethelela izono zethu ngezinsuku zonke, uthanda ukuba nathi sithethelele abanecala kithi, mawusisize ukuba singahluleli, sithethelelane, samukelane ngomusa ngaye uJesu Kristu iNdodana yakho, ophilayo, ebusa kanye nawe noMoya oNgcwele kwamanje naphakade. Amen.
Umkhuleko weNkosi: Baba wethu osezulwini …
10. Iculo 226/272
Ukuthula kukaNkulunkulu odlula ukuqonda konke makulondoloze izinhliziyo zethu nemicabango yethu kuKristu Jesu, iNkosi noMsindisi wethu. Amen.
Lentshumayelo ilotshiwe ngo-2005 ngu-C. D. Weber.
Ukucindezelwa nokuthunywa kwezintshumayelo kuyasekelwa yinhlangano ethiwa: Lutheran Heritage Foundation.