Izintshumayelo zokuSebenzelana ekuZwaneni
Intshumayelo ngesonto lokugcina emva komkhosi wobuThathwemunye, ka 20. 11. 2011 56/2011
Egameni likaNkulunkulu onguYise, neNdodana, noMoya oNgcwele
1. Iculo 300/228
2. Umkhuleko: Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo. Umlomo wethu wawugcwala ukuhleka, nolimi lwethu ukuhuba, bathi: Phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele iznto ezinkulu. Amen.
3. Iphistola ngohlelo lwesibili lilotshiwe kuso isAmbulo 21:1-7;
Ivangeli ngohlelo lokuqala lilotshiwe kuMathewu 25:1-13.
4. Isivumo senkolo: Ngiyakholwa nguNkulunkulu uYise … 5. Iculo 303/230
6. Umkhuleko wakhe ofundayo intshumayelo 7. Ivangeli ngohlelo lwesithathu lilotshiwe
kuLuka 12:42-48, lithi: “Yayisithi iNkosi: ‘Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho? Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo, nxa ifika, iyifumane yenze njalo. Impela ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho. Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele ukufika,’ iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe, inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangomzuzu engawaziyo, iyinqumanqume, iyabele nabangakholekile. Njalo-ke leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungiselanga, ingenzanga ngokwentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi; kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.’” Amen.
8. Intshumayelo: Bazalwane bami abathandekayo eNkosini, namuhla kuyisonto lokugcina onyakeni webandla. Ngamanye amazwi umyaka uphela namuhla. Siyazi-ke ukuthi sidlule kokuningi okuhle nokubi, okujabulisayo nokukhalisayo. Nokho iNkosi isigcinile kwazwe kwaba namhla. Saphetha lomyaka ngokuthwalwa, nangokusizwa yiNkosi. Masimbonge uNkulunkulu ngakho konke asenzele khona kuomyaka esiwuphethayo namhla. Nanku umbuzo othi: Yikuphi esikwenzile nokumjabulisile uNkulunkulu kulomyaka na? Ake uwuphendule ngokwakho lombuzo.
Lendaba yenkosi nezinceku yavusa umbuzo kuPetru. Mhlawumbe wamangaliswa yilenkosi izinceku etafuleni izikhonze. Umbuzo wakhe uthi: “Nkosi usilandisa thina lomfanekiso nokuba bonke na? Impendulo kaJesu ijubeka sobala ukuthi lapha usho abalandeli bakhe.
Zihlobo zami eNkosini, iNkosi uJesu Kristu uthi: Lenceku akhuluma ngayo ingumphathi, umsebenzi ewenzayo ngowenkosi yayo. Ngokunjalo nabantu ebaphethe ngabenkosi yayo, nokudla ekuphakayo ngokwenkosi yayo. Ake sizibheke nathi uqobo namhla ukuthi nathi singabaphathi lapho sikhona, lapho sihlala khona emsebenzini, lapho sihamba khona, lapho sikhonza khona. Isibonelo: UNkulunkulu usiphile bona, usiphathisile, simphathele, singabaphathi, masibe abaphathi abathembekile, abaqondileyo. Ngomusa sizolandiswa ngobuphathi bethu ukuthi sibaphathe, sabakhulisa kanjani abantwana bethu, sibafundise kanjani ngenhlonipho, sibafundise kanjani ukumesaba nokumthanda uNkulunkulu. Masingafani noEli owehluleka ukuphatha nokukhulisa amadodana akhe ngenhlonipho nangesizotha. Wehluleka ukuba umphathi othembekile noqondileyo. Singabheki yena nje, kodwa sizibheke thina uqobo ukuthi singabaphathi abathembekile, abaqondileyo maqondana nabantwana bethu, izimali, ukudla, imfuyo, amakhaya ethu nokunye okunjalo na? Simi kuphi thina na? Ngakho lokhu ukubuya kukaJesu kuqondene nabaphathi abanjalo. Uma uJesu ebuya efumana umphathi ewenzile, ewufezile kahle umsebenzi, uzomphakamisa, amphathise konke okwakhe.
Lendaba isikhumbuzo ukuthi konke esinakho sikuphathisiwe. UPawulu uthi: Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? 1 Kor. 4:7. Ngempela akusikho okwethu. Nathi uqobo asibo abethu. Thina sathengwa ngenani elikhulu. Ngakho sifanele simbonge uNkulunkulu emizimbeni yethu. Uhlamvu lokuqala kulo iKhathekisemu elincane ukuthi mina nawe siphiwe umzimba, umphefumulo, amehlo, nezipho zonke ukuqonda nokuzwa konke, usakulondoloza; futhi inzngubo nezicathulo, ukudla nokphuza, indlu nekhaya, umfazi nabantwana, amasimu nezinkomo nezimpahla zonke. … Ngakho konke lokhu kufanele ngombonga, ngimdumise, ngimkhonze, ngimlalele. Lokhu-ke kuqinisile ngempela. Singabaphathi bomusa omningi kaNkulunkulu. Konke enginakho kuyisipho esivela emuseni nasothandweni lukaNkulunkulu. Mangibe umphathi othembekile noqondileyo ezintweni zonke. Asiphathe konke esikuphathisiwe kahle ngokuthembeka okukhulu nokuqonda okukhulu, nangokuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu. UJesu usohlola ekubuyeni kwakhe ukuthi sikuphathe ngokungathi ngokwethu, noma sikhumbulile yini ukuthi ngokwakhe. Thna singabaphathi bakhe uNkulunkulu. Umphathi ophumelelayo ubonakala ngokuthembeka nokuqonda.
Yebo, inkosi yami ilibele, uma kufika umcabango onjalo enhliziyweni yomphathi, bese eqala ukuxabana nokushaya abanye ahlezi nabo, Khumbula ukuthi inhliziyo iyakhohlisa. Lapha, uma kukhulunywa ngabafana namantombazana lokhu kungasho ukuthi kusho izisebenzi zenkosi. Umphathi ongathembekile ubabona bebancane abaphethe, ubaphatha kalukhuni ngesandla esiqinile. Umphathi ungenwa umoya wokuzijabulisa yena, ukudla nokuphuza kusho lokho. Kusuke sekonakele, uma ophathisiwe engenvwa umoya wokuzifunela yena okuhle. UJesu uthi: Onjalo uzonqunywa alahlwe futhi, aphiwe isabelo kanye nabangakholekile, noma abangathembekile.
Uthi uJesu: Uyakushaywa imivimbo eminingi. UJesu uselandile ngomphathi ozonqunywa. Futhi kukhona nabanye abazojeziswa kancane kunalokho. Omunye uzoshaywa kakhulu, ngoba wona eyazi intando yeNkosi. Omunye ashaywe kancane, ngoba wona engazi noma waphutha engazi. Lapha uJesu akachazi ukuthi lokhu kushaywa kusho ukuthini, esikutholayo ukuthi abantu abafani bonke. Abanye baphathiswa kakhulu kunabanye. Ophathiswa kakhulu kuzofunwa okukhulu kuye. Bonke bazohlolwa njengalokhu bephathisiwe. Bekufanele isishayise ngovalo lendaba, ngoba kukhona abaneziphiwo ezinkulu phakathi kwethu. Futhi kuyenzeka ukuthi, abantu bazibabaze ngalokhu okuphathisiwe, ngoba ezinye izipho ziyabonakala. Masingakhohlwa ukuthi konke esinakho, nakho konke esiyikho sikuphathisiwe, sizongena engozini yokuziphakamisa. Khumbula ukuthi uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
UNkulunkulu usenzela okuhle okuningi ngomusa nangobubele kuphela, kugasho ukuthi sinokulunga nemfanelo ukuba asenzele okuhle kangaka. Ngenxa yakho konke okuhle esikuthola kuNkulunkulu, kufanele simbonge, simdumise, simkhonze, simlalele.
Mangigcine ngokuthi: Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe nezibani zuvutha. Amen.
9. Umkhuleko: UJehova usenzele izinto ezinkulu, sajabula. Nkosi, sicela usithethele kukho konke esingathmbekanga kukho. Siphe ngomusa wakho ukuba siphathe osiphathise khona ngokuthembeka okukhulu. Amen. Umkhuleko weNkosi: Baba wethu osezulwini …
10. Iculo 290/223; noma 295/233
Ukuthula kukaNkulunkulu odlula ukuqonda konke makulondoloza izinhlizo zethu nemicabango yethu kuKristu Jesu iNKosi noMsindisi wethu, Amen
Lentshumayelo ilotshiwe ngomnyaka ka-2011 ngu-E. M. Mkhabela
Ukucindezelwa nokuthunywa kwalezintshumayelo kuyasekelwa yinhlangno ethiwa: Lutheran Heritage Foundation