Izintshumayelo zokuSebenzelana ekuZwaneni

Sing to the Lord a new song ...

Izintshumayelo zokuSebenzelana ekuZwaneni

Intshumayelo ngesonto elithiwa Kantate, ka 22. 05. 2011                                                       29/2011

Egameni likaNkulunkulu onguYise, neNdodana, noMoya oNgcwele

1.         Iculo 276/134

2.         Umkhuleko: Nkosi, Nkulunkulu, Baba osezulwini, siyabonga, ngokuba usihlanganisile namuhla, nokusiqhuba ngegama lesonto ukuba sihlabelele, sikuhubele ukubonga nendumiso. Ngakho siyacela ukuba usifundise kakhulu ngezwi lakho, nangamaculo eKerike ngokobuLuthere ukuba sifunde ngokusha ukuhlabelela, njengalokhu obaba ekukholweni besifundisile ukuhlabelela, sivume isivumo nesifundiso sekerike nangamaculo ethu njalo maqondana nemiyalelo yakho, ngokukholwa kobuKristu, ngomkhuleko weNkosi, nangombhapathizo egameni likaYise, neNdodana, noMoya oNgcwele, nangesibiko nokukhululwa ezonweni, nangesidlo somzimba onikelwe ekufeni, negazi isibili leNdodana yakho ethululelwe kube ngukuthethelelwa kwezono, futhi sifakazele ngamaculo ethu ukuthi siqondile uhlelo lomnyaka webandla, sijabulele ukugcwaliswa kwezithembiso zakho, noma simelwe ukukhala, nokudabuka kanye neNdodana yakho ngenxa yesihlahla esingatheli izithelo, nangenxa yobuningi obukhulu babangakholiwe yiNdodana yakho, kodwa sithokozele iculo nendumiso yabantwana abavumayo iNdodana yakho ethandekayo, iNkosi, uMsindisi wethu uJesu Kristu. Siyakhuleka kanjalo egameni lakhe. Amen.

3.         Iphistola ngohlelo lwesibili lilotshiwe kwabaseKolose 3:12-17;

Ivangeli ngohlelo lokuqala lilotshiwe kuMathewu 11:25-30.

4.     Isivumo senkolo: Ngiyakholwa nguNkulunkulu uYise …          5. Iculo 275/ -; noma 5/124

6.     Umkhuleko wakhe ofundayo intshumayelo          7. Ivangeli ngohlelo lwesithathu lilotshiwe kuMathewu 21:14-22, lithi: “Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa. Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide, bacasuka, bathi kuye: Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso, na? Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona. Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba. Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga-lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: Akungabe kusavela-sithelo kuwe naphakade. Umkhiwane wabuna khona-lapho. Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: Umkhiwane ubuné kanjani masinyane na? UJesu wayesephendula, ethi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kulentaba: Nqukuleka, uphonseke elwandle, kuyakwenzeka; nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.” Amen.

8. Intshumayelo: Bathandekayo eNkosini, isonto lanamuhla liyasiluleka ngegama lalo ukuba sihlabelele. Ngokwempela abeKerike ngokobuLuthere bayahlabelela, basebenzisa isihlabelelo sabo ezinkonzweni zamasonto kanye nebandla. Ngomjwayelo wawobaba bethu amaLuthere ayahlabelela amaculo esihlabelelo nasemakhaya, uma ephatha umkhuleko, nasemikhosini, nasemihlanganweni, noma eyabasha, eyabomame, eyamadoda, nasemingcwabeni. Kuthé ubaba uNun Mokone,, umhloli wezikole, ebuzwa eJalimane ngomnyaka ka1957, ebuzwa ukuthi ucabangani ngakho okwenzile ukuba abeTswana baphenduke ngobuningi kangaka phambi kwempi yamaNgisi namaBhunu, wayephendula, wathi: “AmaKristu, kakhulu amaLuthere ayahlabelela emingcwabeni.” Ngokwempela amaLuthere kanye namaKristu onke awadabuki, awakhali njengalabo abangenathemba ngabamukileyo, ngababekwa nangabalalayo emalibeni. Ayaculo, ahlabelela ngengqobo kaJesu Kristu emingcwabeni yabo, bayavuma ukuthi uJesu Kristu ubahlengile ezonweni zonke, nasekufeni, nasemandleni kaSathane. Ngithi iningi phakathi kwethu lisakhumbula ukuthi abezizwe babekhala ngezililo ezithintayo inhliziyo, kakhulu uma othile kwabakubo wayemuka emhlabeni esesibhedlele, isidumbu sakhe salethwa, safika kubo. Kwakulila nokumbongoza, isimayemaye, isililo, isikhalo impela okwezwakala esigodini sonke sakubo.

Kodwa amaLuthere bayahlabelela amaculo ezinhloko ezinkulu zokukholwa nemfundiso yobuKristu, njengalokhu sifundiswa eKhathekisimini likaDr. Martin Luther, noma njengalokhu zikhunjulwa, nokushunyayelwa ngomnyaka webandla, ngesikhathi seAdvente, ngomkhosi wokukhumbula ukuzalwa kweNkosi, ngesikhathi sePhifaniya ngokukhumbula ukuthi uMsindisi wabantu bonke wambulelwe nakubo abezizwe, nasesikhathini seNzilo ukuhlushwa kweNkosi, ngosuku lokukhumbula ukubethelwa nokufa kweNkosi, kakhulu ngomkhosi wokukhumbula ukuvuka kweNkosi kwabafileyo, nokwenyuka kwayo, nokuthululelwa kukaMoya oNgcwele kubafundi beNkosi ngomkhosi wePhentekoste, ngokukhumbula isambulo sikaNkulunkulu weqiniso, onguYise, neNdodana, noMoya oNgcwele, uMdali, noMsindisi, noMngcwelisi wethu, uNkulunkulu wobuThathwemunye, nangomkhosi wobuthunywa kuyakhunjulwa usizi yabangakabhapathizwa, nomsebenzi omkhulu wokuhambisa ivangeli ukuliyisa kwabezizwe. Kwaziwe ukuthi ngamaculo abacanduli bekerike ngesikhathi sikaMartin Luther amaLuthere batshalile okwafundiswa ngesikhathi sokucandulwa kwekerike ebantwini ukuba bamukele ukukhululwa, nokuhlengwa ezonweni, nasekufeni, nasemandleni kaSathane ngokuzalwa, nokufa, nokuvuka kukaJesu Kristu ngokukholwa nangokuthokoza okukhulu.

AmaLuthere ayacula amaculo, ayadumisa insindiso ekuKristu Jesu, noma bemelwe ukukhala nokulila, nokuzwela ubuhlungu kanye neNkosi yethu ngenxa yabasamelana nokukholwa, nokwala ukwamukela ukukholwa nokubhapathizwa, nangenxa yamakholwa awangasatheli izithelo zokuphenduka, nokukholwa, nothando, nethemba, njengalokhu sithola ezwini lentshumayelo ya namuhla ukuthi uJesu waqalekisa umkhiwane angafumananga lutho kuwo ukuba ubune khona lapho. Sengiyabuza ukuthi sithini ngabo abambona uKristu akwenzayo ngokuphulukisa izimpumputhe nezinyonga ethempelini, nangokuzwa abantwana abahubela iNkosi ethempelini, bedumisa, bememeza, bethi: Hosyiana kuyo iNdodana kaDavide! Makusizwe iNdodana kaDavide, ibusiswe, iphumelele emsebenzini wayo ewuzele ukuwenza eJerusalema. Abapristi abakhulu nababhali ababefundisa umthetho kaNkulunkulu eJerusalema babecasuka, basola iNkosi, mhla engavimbanga abantwana ukuyihubela, nokuyifakazela ngendumiso yabo ukuthi uJesu ungothenjisiweyo noMsindisi wabantu. UKristu wathokozela indumiso yabantwana, wafakaza ukuthi indumiso yabo iyafakazela ukugcwaliseka kwesithembiso esitholakalayo eHutsheni lesishiyagalombili. Ngelinye ilanga uJesu watshela ababefuna ukuba akhuze, avimbe abafundi bakhe ababemhubela nokumdumisa, wathi: “Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.”

Noma sizwa ezwini lentshumayelo yanamuhla ukuthi uJesu waqalekisa umkhiwane loya, siyakhumbula nomlando omunye okhulumayo ngaye owacela umnini wesivini ngokuthi: Nkosi, wuyeke nangalomnyaka, ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba; mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.” UJesu Kristu, uMsindisi wethu usavukuza inhlabathi emaceleni ethu ngokusithumela abashumayeli bezwi lakhe ukuba sithokoze kanye naye, sikhumbule ukuthi usagcwalisa izithembiso zakhe. Abantwana bayamhubela, kanye nabadala abaningi. Abantu abangamaKristu bayamethemba, bakholwa nguye. Indumiso yoMsindisi wabantu bonke isezwakala.

Ake sigqugquzelwe, sivuselelwe sonke ukuhlangana nalabayabantwana, nabafundi beNkosi endleleni yakhe ngesicelo esithi: INkosi mayiphumelele ukunqoba ukwala nokuphikisa konke ezinhliziyweni zabantu, abaholele, nokubaqinisa ekukholweni. Abakholwa nguye abakwazi ukuthula nje, bazomdumisa, nokumhubela ngentokozo enkulu, ngokuba uJesu Kristu usilungisele insindiso nokuphila okuphakade ngokufa nangokuvuka kwakhe. Amen.

9.         Umkhuleko: Nkosi Jesu Kristu, siyabonga, ngokuba uzambulele kithi ukuba siholwe nguwe. Sesiyacela ukuba uqhubeke ukugcwalisa izithembiso zakho naphakathi kwethu, nakubantwana bethu, igama lakho lidunyiswe ngabadala nangabantwana ngamaculo azodonsa, nokuhola nabanye ukukholwa nguwe, nokukudumisa. Mawusizwe ngenxa yothando lwakho olukhulu. Amen.

Umkhuleko weNkosi: Baba wethu osezulwini …

10.       Iculo 225/187

Ukuthula kukaNkulunkulu odlula ukuqonda konke makulondoloza izinhlizo zethu nemicabango yethu kuKristu Jesu iNKosi noMsindisi wethu, Amen

Lentshumayelo ilotshiwe ngomnyaka ka-2011 ngu-E. A. W. Weber.

Ukucindezelwa nokuthunywa kwalezintshumayelo kuyasekelwa yinhlangno ethiwa: Lutheran Heritage Foundation

Unknown's avatar

About Wilhelm Weber

Pastor at the Old Latin School in the Lutherstadt Wittenberg
This entry was posted in Uncategorized. Bookmark the permalink.

Leave a comment

This site uses Akismet to reduce spam. Learn how your comment data is processed.