Nansi imisho eminye kaC. F. W. Walther ehunyushelwe esiZulwini:
Isifundo seshumi nesithupha:
Ngokweshumi nambili izwi likaNkulunkulu alihlukaniswa ngokufanele, uma kushunyayelwa ngendlela yokuthi ukuyeka izono ezithile, nokwenza imisebenzi ethile kungukuphenduka ngokwempela
Isifundo seshumi nesikhombisa:
Ngokweshumi nantathu izwi likaNkulunkulu alihlukaniswa ngokufanele, uma kukhulunywa ngabakholwayo ukuthi yibona kuphela abenzile okuthile, noma bengakwenzanga bonke ngezikhathi zonke, noma okuqondene namandla okukholwa, noma okuqondene nokuzwela ukukholwa enhliziyweni, noma okuqondene nezithelo zokukholwa.
Isifundo seshumi nesishiyalombili:
Ngokweshumi nane izwi likaNkulunkulu alihlukaniswa ngokufanele, uma kukhulunywa ngokonakala kwabantu ngendlela yokuthi namakholwa ayiwo asahamba ezonweni eziwabusayo, azenza ngamabomu.
Isifundo seshumi nesishiyagalolunye:
Ngokweshumi nanhlanu izwi likaNkulunkulu alihlukaniswa ngokufanele, uma kushunyayelwa ngendlela yokuthi izono ezithile ezilahli ngokwazo, kodwa ziyizono eziyekelwa nje (ngaphandle kokudabuka nokuthethelelwa ngenxa kaKristu.)
Isifundo samashumi amabili:
Ngokweshumi nesithupha izwi likaNkulunkulu alihlukaniswa ngokufanele, uma kuthiwa insindiso itholakala ekerikeni elinenkolo eyiyo kuphela, uma kuthiwa odukile ngohlamvu oluthile lwenkolo akakwazi ukusindiswa.
Ukulungisa okwezimali ekhaya, nasebandleni nasekerikeni
Ngokukhala ngenxa yokubona ukuthi imali ayilingani, izinhlupheko ziningi kangaka ekhaya, nasemabandleni, nasekerikeni! Noma kukhona ocabanga ukuthi unemali eningi edlula othanda ukukuthenga, noma omelwe ukukuthenga na? Ukukhala okunjalo kwenzeka ukuba kuthuliswe, uma sihlengwa ekukhonzeni umamone, lonkulunkulu mbumbulo omubi kangaka, uma sisizwa nguMoya oNgcwele ukwamukela iseluleko sezwi likaNkulunkulu esithi: “uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho!” 1 Thim. 6:8. Kwaziwe ukuthi umuntu akakwazi ukuthenga lutho, uma engenamali. Futhi uma engenamali eningi, akakwazi ukwabela ngokukhiphela ibandla, noma ikerike umnikelo omkhulu, Kwaziwe ukuthi uma umuntu enganamsebenzi, uma engamukeli iholo, uyafana nomfelokazi okulandwa ngaye kuLuk. 21:1-4, osekuhluphekeni okukhulu. Uma samukela okuncane nje, simelwe ukuqaphela okuncane esinakho ngokuqaphela impela ukuba singachithi imali yethu ngakho okungadingeki, njengogwayi notshwala, noma ngokukhazimulayo okungasuthisi. Khona kuyadingeka ukuba sicabange kahle ukuhlukanisa phakathi kwakho okudingekayo, nanakho okungadingeki kangaka. Uma imali ingalingani ukuthenga inyama, mhlawumbe izolingana ukuthenga amathambo ukupheka isobho elinomongo, elibumba umzimba. Khona ayiyikulingana ukuthenga ugwayi notshwala. Kukho okuncane ikholwa malingakhohlwa ibandla nekerike lakubo. Nakukho okuncane isihleshwana sokuqala masibekelwe umnikelo ebandleni. Uma umuntu engafundi ukukhipha isihleshwana sokuqala kukho okuncane, uzophumelela kanjani ukukhiphela ibandla lakubo isihlephu sokuqala esikhulu kuyo imali eningi? Ake ngithathe isibonelo samantombazana nabadala abamukela kuhulumeni. Ngisand ukuzwa ukuthi amantombazana anomntwana amukela R 250 kwamanje, abadala bamukela R 1300. Abakwazi ukukhipha izinkulungwane, kodwa uma sifunda ngabayizolo, omame babamukela R 2 ngenyanga, obaba bamukela R 4 ngenyanga emsebenzini. Omame babekhokha R 1 imali yebandla ngomnyaka, obaba R 2 imali yebandla ngomnyaka.. Okusho ukuthi babekhipha inxenye yeholo abalamukele ngenyanga. Uma kungenzeka ukuba silandele isibonelo sabo ekerikeni lakithi, abaphathi bezikhwama emabandleni nasekerikeni bazothokoza kakhulu, uma lamantombazana bekhokha R 125 ngomnyaka, noma R 12.04c ngenyanga, abadala R 650 ngomnyaka, noma R 54.16 ngenyanga, khona-ke sizothola imali engakanani kubo abamukela amaholo ngemisebenzi yabo? Kungama-4 % emali engiyibalile la, iyimali yalawamantombazana, neyabadala abamukelayo kuhulumeni. ETestamente elidala abantu bakaNkulunkulu babekhipha 10 %. Kodwa kuleyamali kwahlanganiswa nentala eyaqondene nokuphatha okwezwe. Uma amakholwa amukelayo engakhiphela ibandla, noma ikerike 4 % ngokuthembeka, ukukhala kuzoncipheka, ngisho ukukhala ngenxa yezondlo zezisebenzi zekerike, nezindleko ezinye ekerikeni. Amabandla amakhulu azofinyelela ngokulandela lezeluleko emngomeni omuhle wokuzithwala maqondana nokwezimali, nangaphezu kokuzithwala bazophumelela ukusekela umsebenzi wekerike ngokwezimfanelo zawo. Kodwa siyakuthini ngamabandla amancane azohluleka ukuzithwala maqondana nokwezimali, asahluleka ukondla izisebenzi zawo ngokwezinqumo zomhlangano wesinoti? Kulokhu kuhlupheka ake sikhumbule okwenziwe nasesikhathini sokuqala ekerikeni ngokobuKristu! Khona abebenemali babecelwa ukuba basize abafowabo nabamazwe amanye ekukholweni ngeminikelo, ukuba umsebenzi uqhubeke nangakhona. Ngalomcabango akusekelwa ukuvilapha kwabo abangathandi ukunikela, kodwa kuyasetshenziswa uthando lwamakholwa ukuba asizane emsebenzini weNkosi nangokweqa imikhawulo engaba khona phakathi kwezizwe.

Umhlangano wabafundi owaphathwa ngoAgasi 30 kuze kube uSepthemba 1 eCyara eduze naseHekpoort: Izifundiso, izingxoxo, amaculo, imikhuleko, nezinkonzo zaphathwa ngesiNgisi. Abafundisi abakhulu obaba uMandla Thwala, uPaul Mosenogi, uT. Johannes Mafereka, noSiphiwe Danisa babengabaphathi besihlalo ngokulandelana, ababeqaphela ukuba konke kwenziwe ngohlelo. Abaphathi bemikhuleko: Abafundisi abakhulu obaba uThwala, noDanisa, noMosenogi. Abashumayeli emikhulekweni yokusihlwa umafundisi omkhulu uMafereka, nomfundisi uDr. Wilhelm Weber omdala esikhundleni somfundisi omkhulu uVictor Vilakazi, enkonzweni wesibiko umfundisi uMusa Nathan Mntambo, enkonzweni yesidlo seNkosi ubaba umbhishobhi uDr. David Tswaedi. Ababefunda izwi likaNkulunkulu abafundisi uJim Gumede, noBoss Sebeelo, noJohannes Nkambule, nomvivinywa uPhenyo Mokgaimena, nabaphathi bohlelo lwezinkonzo umvivinywa uSilas Mogale, noBheki Ngobese, kuyo yesidlo seNkosi umbhishobhi uDr. Wilhelm Weber, owamukelisa isidlo seNkosi kanye nombhishobhi uDr. David Tswaedi.
Kwafundwa amaphepha lawa: Umprof. John Pless wekholishi elithiwa Concordia Lutheran Seminary laseFort Wayne wafundisa kathathu ngokuhambela nokuhlola amabandla kukaDr. Martin Luther eSaksoni, nangokugcizelela isibusiso nosizo esikhulu esivelile ngamaKhathekisemu alotshiwe nguLuther kwase kuqaleni emabandleni ayafundisa ngeKhathekisemu elincane ababezilungisela ukubhapathizwa, noma ukuqiniswa. Umnumzane uRuben Dlamini wakhuluma nge”Special Fund” ekerikeni lakithi. Uprof. Dr. theol. habil. Wermer Klän wafundisa ngokuhlola umlando weminyaka esand’ ukudlula ngokukhombisa ukuthi kungenzeka kanjani, nokuthi kuyadingeka ukuhlola okwenzekile kakhulu emakerikeni ngokobuLuthere eNingizimu Afrika, kakhulu kulo elakihti, nakuFELSiSA Uprof. Lize Krige waseUP wayakhuluma ngenhloko ethi: “The past is no-one’s monopoly.” waqinisa ukuba kungaqashelwe kuphela okulandiwe ngabathile kuphela, kodwa kuyadingeka ukuba umhloli womlando wakho okudlulileyo makezwe nakho okwacatshangwa ngabo bonke, kungabi okulandwa ngababebusa esikhathini esidlulileyo, kodwa kuzwiwe nokucatshangwa ngababusiweyo, noma ababecindezelwa esikhathini esidlulileyo. Uprof. Caroline Jeannerat wayekhuluma ngakho akuhlole maqondana nezinhlangano zamamishane amaLuthela ayesebenza ezweni lakithi, kakhulu abaseBerlin, nabaseHermannsburg. Isazi semithetho yezwe lakithi, umame uTheresa Conradie wakhuluma ngakho okumelwe ukuqatshelwa ngokwemithetho emisha yezwe lakithi odabeni lokuma kwekerike lakithi ngokomthetho wezwe. Umfundisi uRadikobo P. Ntsimane wakhuluma ngendlela nohlelo umfundi angabutha imilando eqondene nesikhathi esidlule engalotshwanga, esakhunjulwa, nokulandwa ngakho phakathi kwabantu. NgesiNgisi kuthiwa: “Oral history methodology.”
Izindawo zokuhlangana nokulala, nokudla kwakulungiswe kahle, nohlelo lomsebenzi, nezincwadi ezicindezelwe ekerikeni lakithi zazibekiwe ukuba bonke baphumelele ukuzibona, nokuya emakhaya kanye nazo. Izivakashi emhlanganweni babamukelwa, nokubingelela umhlangano. Kubo ngithanda ukuveza umfundisi uKhumalo waseMiddelburg, nomfundisi uRoger Zieger, umongameli omusha wemishane yaseBleckmar. Ekudleni kusihlwa ngosuku lwesibili abafundisi abaphunyiziwe, umfundisi uPetros Lubede, noSamuel Ndwalane, noGabriel Gule, noWilhelm Weber babongwa ngenxa yomsebeni ababewenza ekerikeni. Kwakhunjulwa nabo abaphunyiziwe ababengafiki emhlaganweni njengabafundisi uStillfried Niebuhr, noJosef Mokopanele, noSiegfried Damaske.
Umbhishobhi uTswaedi wakhetha amazwi alotshiwe kuJosh. 4 ukushumayela enkonzweni yesidlo seNkosi. Intshumayelo yakhe yathinta inhliziyo ngokugcizelela ukuthi abakwaIsrayeli babelulekwa nguNkulunkulu ngoJoshuwa ukuba bakhumbule abakwenzelwe nguNkulunkulu ngokukhululwa ekucindezelweni eGibithe, nasezinhluphekweni zeminyaka ekuhambeni kwabo ehlane, nangokomisa ulwandle nomfula iJordani, kodwa eselulekweni sikaNkulunkulu kwakungathintwa ukuba bakhumbule ubuhlungu ababenzelwe. Ngobuhlungu obenzekile, nokwenzeka ezweni elithandekayo lakithi, emisebenzini yonke yokuhlola okwenzekile ngeminyaka edlulileyo phakathi kwethu ake sikhumbule okutsheliwe yiNkosi ngomphosoli wayo, ukuthi: “Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi. Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokhu noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu,” Ef. 4:31-32.
Ngakho okwabafundisi bekerike lakithi: Ngomuhla wokuqala kuJune, 2010 umfundisi omkhulu uBhekeyehlulwayo Qaza Aaron Nkomozalahlwa Ntuli ubiziwe yiNkosi, esibhedlele sasoThukela, wangcwatshwa eNhlanhleni ngomhla ka 5 June. Intshumayelo enkonzweni yomngcwabo yaphathwa yiphini lombhishobhi wekerike lakithi umfundisi omkhulu uVicotr Vilakazi. Umhleli wenkonzo yomngcwabo ekhaya nasemalibeni wayengumfundisi waseNhlanhleni, umfundisi uDavid Thulo. Umfundisi omkhulu uNtuli wazalwa ngo-10. 12. 1931 (njengalokhu lolusukua lulondoloziwe ezincwadini zekerike), wakhulela ebandleni laseSalem, wasebenza emapolasini eduze nasePiet Retief (namuhla uMkhondo, nasesitolo saseMkhondo. Khona lapha wamukela isicelo somfundisi uJunker ukuba aye ekholishi, waqala khona eNhlanhleni ngo-1965, wahlala khona kanye nenkosikazi uRegina Ntuli, umaNkosi, nabantwana babo, waqeda ekholishi ngo-1969, wathunywa eNhlangano eSwazini ekuqaleni kuka-1970. Wabizelwa ePella, wagcotshwelwa ubufundisi khona ngomhla ka 30. 5. 1971, wasebenza khona kuze kube sekuphunyuziweni ngo-1999. Akhethwa abe ngumfundisi omkhulu wesifundamfundisi omkhulu sasekwaZulu/Natal ngo-1992, wacelwa ukulinda izindlu zaseNhlanhleni, wasiza nasemabandleni esifundamfundisi sakhon esikhathin sokuphunyuzwa kwakhe. Imilando yakhe ngebandla lasePella, naseSalem, nangokuphila kwakhe kucindezelwe encwadini yesibili yazo ezikhishiwe ngegama elithi: “Fundisani ukugcina konke okuyalwa nguKristu okwaseNhlanhleni.”
Ngomhla ka-30 uSepthemba 2010 umfundisi uSouane Joseph Mokopanele wabizwa yiNkosi, wangcwatshwa ngomhla ka 9 October eSixhundred. Uhlelo lomngcwabo lwaphathwa ngumfundisi omkhulu uPaul Mosenogi nomfundisi uStefan Mathulwe. Intshumayelo emngcwabeni waphathwa ngumbhishobhi uDr. Wilhelm Weber ngezwi leNkosi elilotshiwe ku-1 Thes. 4:12-18. Umfundisi uMokopanele wazalwa eMadutu eduze naseColigny, wangena esikolweni ukuqeda isimo sesithupha. Waqhubeka ukufunda kuDamelin College ukuqeda uJC. Wayeyilunga nomsizi emabandleni aseBotshabelo, wamukela isicelo somfundisi uFritz Adolf Häfner ukuya ekholishi laseNhlanhleni, wafunda khona ukuqala ngo-1970, waqeda khona ngo-1974, wahlala khona nenkosikazi yakubo uma Dikeledi Mokopanele, umaRamokala kanye nabantwana babo. Waqala ukusebenza engumvangeli ngo-1975 eBotshabelo, naseRanaka eBotswana, wagcotshelwa ubufundisi ngomhla ka 9. 4. 1978 eKanye, wayengumfunsi khoan wafundisa nasesikoleni samaKhathekethi sakhona, wabuyela ezweni lakithi ukuba ngumfundisi ebandleni laseSixhundred. Inkosikazi yakubo yamshiya engumfelwa, nabantwana abathathu babegoduka phambi kwakhe. Emingcwabeni yakithi siyaduduzwa ngakho esikwenzelwe nguKristu ngokufa nangokuvuka kwakhe, ngokusamukela embhapathizweni ukuba sibe ngabantwana bakaNkulunkulu, nangokuthethelwa izono egameni likaJesu Kristu, kanye namakholwa onke ngezinsuku zonke, nangethemba lokuthi sizovuswa nabafileyo bonke ngosuku lokugcina ukudla ifa esililungiselwe yiNkosi yethu uJesu Kristu ekuphilani okuphakade.

Ngosuku 26 kuSepthemba, 2010 umfundisi omkhulu uMandla Thwala wangenisa umfundisi uChristoph Dietrich Weber emsebenzi wokuba ngumfundisi wesifundamfundisi saseMlazi, eThekwini, waphatha intshumayelo yokumgenisa emsebenzini ngevangeli elilotshiwe kuJoh. 21:15-23. Umfundisi uWeber waphatha intshumayelo ngephisola lasonto elilotshiwe ku-Rom. 10:9-18. Ibandla labonga umfundisi omkhulu uThwala nombhishobhi uDr. Weber ngezipho ngesizathu sokuthi babenquma ukubeka umfundisi omusha esifundeni sakubo. Ibandla labonga nomfundisi uPeter Weber wasoHlangeni nabendlu yakhe ngezipho, ngesizathu sokuthi wabasiza ngokuphatha khona iminyaka ethile. Umfundisi uPetros Lubede wakhumbuza ngokuxoxa ukuthi waqhutshwa nguyise omkhulu wabakwaWeber, uGweje-bomvu njengentolwane emkhosini wokuvula indlu yokuasonto eEbenezer ngomyaka ka-1953 ukuba aqale ukubutha abamabandla akithi asePella, Ebenezer, Salem naseTsheni Lejuba ababesebenza eThekwini. Ngakholokhu babebonga nendodana kaGweje-bomvu njengentolwane eyafika ukubona indodana engeniswa esikhundleni ngesipho sendondolo. Kwagutshwa umkhosi omuhle, ngokuba nabamabandla aseNtshongweni, nasoHlangeni babefikile. UNkulunkulu makambusise umfundisi omusha esifundeni somfundisi saseThekwini emsebenzini wokwelusa umhlambi weNkosi, nokufuna abaningi babantu abangakakholwa kulelidolobha elikhulu.

OkweInternational Lutheran Council (ILC): Umkhandlu weILC wahlangana ngomhla ka 28. 10. 2010 eWittenberg eJalimane, lomhlangano wakhetha umfundisi uDr. Rapha Mayan owayengumholi wekerike ngokobuLuthere eCanada ukuba ngunobhala weILC esikhundleni sikaDr. Samuel Nafzger waseSt. Louis, owacela ukukhululwa kulomsebenzi, esesebenzile engunobhala weILC iminyaka eminingi. Njengoba umfundisi uDr. Matthew Harrison ekhethilwe ukuba umongameli wekerike elithiwa LCMS esikhundleni sikaDr. Gerald B. Kieschnick, umfundisi uKieschnick uphumile emsebenzini wokuba ngumphathisihlalo emkhandlwini weILC, umbhishobhi uHans-Jörg Voigt wekerike elithiwa SELK eJalimane wayeyiphini lomphathisihlalo, wahlala esihlalweni kulomhlangano, futhi abe ngumphathisihlalo emhlanganweni omkhulu weILC, kuze kukhethwe umphathisihlalo omusha emhlanganweni omkhulu walenhlangano ngomnyaka ka-2012 eCanada.
Abafundisi ababesebenza ezweni lakithi bakhumbula iAferika: Umfundisi uDr. Friedrich Dierks ukhiphile icnwadi ngomnyaka ka-2008 elithiwa: Das Weizenkorn stirbt und bringt viel Frucht. Eine Erzählung aus der Mission in Südafrika. Ngegama lalencwadi uyathanda ukukhumbuza ngezwi elilotshiwe kuJoh. 12:24, elikhuluma ngenhlamvu kakolweni, uma ingafi ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi, wathi: Ukugcwaliswa kwalesisithembiso kwenzekile nangomlando wakhe ngomsebenzi emishane eAfrika laseNingizimu.
Umfundisi uKurt Gïnter Tiedemann nenkosigazi wakubo, umaDrewes, uRike M. G. Tiedemann, babiza incwadi yabo ngegama elithi: Erinerungen an Afirka. (Ukukhumbula iAferika). Bayikhiphile ngomnyaka ka-2010. Ekugcineni kwalencwadi kuyakhonjiswa izithombe zezincwadi zezintshumayelo ezikhishiwe ngumfundisi uTiedemann. Lezizincwadi zezintshumnayelo ziphethe izinshumanyelo ezalotshwa ngesiZulu ngeminyaka ngokuqala ngo-1963 kuze kube ekuqaleni komnyaka 2010 ekerikeni lakithi. Umsebenzi wokuthuma izintshumayelo waqalwa ngo1963 ngumfundisi uGottfried Stallmann ekuqaleni kuze kube sekugcineni komnyaka ka1967, ngesiTswana ngumfundi uDr. Wilhelm Weber ukuqala ngesonto elithiwa Palmarum ngo-1963, ukuqala ngoJanuary 1968 umfundisi uWeber wayecela abafundisi abasebenzile ngolimi lwesiTswana, noma ngolimi lwesiZulu ukuba babhale intshumayelo ukuba mhla ilotshiwe ngesiTswana yahunyushelwa esiZulwini, mhla ilotshiwe ngesiZulu yahunyushelwa esiTswaneni. Lomsebenzi usenziwa nanamuhla. Kungamakheli angu-150 nokudlula abafundisi, noma ababebandla abasathunyelwa izintshumayelo eziqondene nesonto, noma nomkhosi. Umfundisi uTiedemann wakhetha ezintshumayelweni zesiZulu, nokucela abafundisi ukugcwalisa, mhla kwasweleka intshumayelo eqondene nesonto noma nomkhosi, njengoba yayingalotshwa eziqondene namasonto nemikhosi yonke.
Wabiza incwadi yezintshumayelo eqondene nezamavangeli ohlelo lokuqala, wathi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, (Math. 21.5), ngo1999;
eqondene nezamaphistola lohlelo 2, wathi: Ukukholwa kuvela ngokuzwa, (Rom. 10:17), ngo2003;
eqondene nezamavangeli lohlelo 3, wathi: Onizwayo nina, uyangizwa mina (Luk. 10:16), ngo-2006;
eqondene nezamaphisola lohlelo 4, wathi: Yena uyinhlawulo ngezono zethu, (1 Joh. 2:2) ngo-2008;
eqondene nezamavangeli ohlelo 5, wathi: Ayikho insindiso ngomunye (izE. 4:12), ngo-2010;
eqondene nezamaphistola ohlelo 6, ayikakhishwa. Lencwadi izobizwa ngokuthi: Babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu (Luk. 11:28).
Uma kukhona othanda ukuthenga incwadi yalezincwadi, kwenzeka ukuba ithengwe ekholishi lekerike lakithi. –
Isaziso ekugcineni: Ikholishi laseTshwane limemeza ukuthi ngomhla ka 25 November kulusuku lweKholishi oluthiwa: Seminary Day Bonke bayamenywa ukubona uma kuhanjiswa kahle abafundi abaqeda lomnyaka ekholishi.